Zintaba International News-ZIN

Zintaba International News-ZIN

Share

sikuhlinzekela ngezindaba ezinoju

04/10/2026

Bashiselwani osomatekisi manje🤣🤣🤣🤣🤣🤣

03/10/2026

Inkunzi lomfana futhi usazogqilaza kulomculo kaMaskandi,sengibuya laphana ku YouTube ukuyozwa lengoma okade umuntu eyilinde ngamehlo abomvu cha impela usebenzile umfana umlayezo ukhona,ingoma webantabami kani nina nihlala kuliphi igoli mangibona kuphumelela ontanga yenu kanti nina okwenu kuzanini.

03/10/2026

Uma impilo isazokuhambela kahle eGoli ubonakala ngokubhekana nezimo ezinje eHostela yabona laphana I spirit sokubekezela siyafakwa ngenkani emntwini,uyaqiniswa umfana laphana🤞🤞🤞🤞

Photos from Zintaba International News-ZIN's post 30/09/2026

Zinjena izindaba zemidlalo yokukhwalifayela AFCON ka 2027

Photos from Zintaba International News-ZIN's post 30/09/2026

Phambikwayizolo ngoMsombuluko kuyizi 28 September UMongameli wase Burkina Faso 🇧🇫 u-Ibrahim Traore uthule ngokusemthethweni icwenga legolide(gold refinery) lokho okuchaza ukuthi i Burkina Faso 🇧🇫 iyazigayela iphinde izincwengele Igolide layo,akusekho lokhu kokuthi kuzodayiswa amatshe egolide emazweni aphesheya ngemali encane bese liyocwengwa khona kweziwe imikhiqizo ezobuya isimba eqolo ngokwenani lemali.

Lo Mongameli uthathe isihlalo ngo September 2022 njengoba eseqophe lomlando nje eminyakeni emithathu ephethe,yini edala lokho ukusebenza ngokubambisana ngaphandle kwenkohlakalo,nokuyinto akayizondayo u Ibrahim Traore leyo yingakho akhanda ijele lokubopha abazokwabanisa izimali zezwe.

Lesakhiwo sokucwenga Igolide bese kunesikhathi sakhiwa kukuthi ubengakasivezi ngokusemthethweni UMongameli wakuleliyazwe,kanti akakushilo yikho ukuthi ufuna ukuzikhiqizela yonke into ethi ayibe yinsimbi ephuma ngaphansi komhlaba kwazise unaneziqu zawo umsebenzini wezangaphansi komhlaba.

Photos from Zintaba International News-ZIN's post 30/09/2026

Mthiyane sicela isichuse seqhawe lomculo kaMaskandi kwaNongoma okwakungu Mphatheni Mfaz'omnyama Khumalo edolobheni kwaNongoma,akufanele engabe asikho emvakweminyaka emingaka adlula emhlabeni u Mfaz'omnyama.

Photos from Zintaba International News-ZIN's post 30/09/2026

Kukhala ngisho umsakazi woKhozi uZimdola Biyela uthi ubeqala ukubona intenje,esho ukubona umuntu okwazi ukuthuka abantu abakhulu ngalendlela nabahlonishwayo esifundazweni okuyiNkosi yamaZulu uMisuzulu kanye neNkosi yamaNazaretha Unyazi lwezulu ake ayibize nangegama lwakwabo imbala.

Nami ngyaqala ukubona umuntu okwazi ukunyakazisa umhlaba wonke ngenhlamba nje,nanokuzwake ukuthi isitho somuntu wesfazane sinoqhoqho naleyonhlamba bengiyiqala ngalomjita.

27/09/2026

Ithi iNkosi yesizwe samaZulu ibabhekile labosopolitiki abayizela ngokusa kwazise inazo neziqu zepolotiki eyazifundela phesheya kwezilwandle.

27/09/2026

Kaze itheni lendoda eyamtaxaza kabuhlungu ngomcimbi waseMdletsheni mayibona ukuthi hau kanti uSnqamu Sodidla usenentshiza naye.

22/09/2026

Laba ngabantu ababizwa ngokuthi ama Wodaabe batholakala egxenyeni yezwe lase 🇳🇪 Cameroon 🇨🇲 Nigeria 🇳🇬 kanye nase Chad 🇹🇩 bangabantu abaphila isintu basabambelele ekwenzeni izinto ngendlela yesintu.

Lokhu enikubona bekwenza lapha kusuke kungumcimbi lapho khona lezinsizwa zenza lomkhuba wokukhalisa kwezinyoni ukuze kuzoba khona intombi echazekayo bese iyakhetha ukuthi ithatha yiphi insizwa njengoba nizibona zenza kanjena nje,wena ungaze uzitshele ukuthi izintombi ubona ngendlela abazibhixe ngayo ibomvu ebusweni cha zinsizwa lezi.

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Durban?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Address


Umsinga, KwaZulu Natal
Durban

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Zintaba International News-ZIN posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Subscribe

We will notify you when anything happens in Durban.